Kugcwele engqondweni yami
Ubuso bugcwele iinyembezi zay'zolo
Ngilahlekile ekuzuleni kwengqondo yami
Ngicela ukungazibwa nguwe
Ngibone noma seng'ashongo
Nginokuphelelwa ngamagama
Ngibone noma seng'sindelwa yihlombe
Uze ulikhumbule elami igama
Nanti lempi engifuna uyibone
'Zungalikhohlwa nami elami igama
Nanti lempi engifuna uyibone
'Zungalikhohlwa nami elami igama
Izulu liyoma nini ukunginela
Nawe mngani wami ubongitshela
Uma ufuna ngikubambe ngesandla
(Siguqe na) Sithandazele ukuhliselwa Komthwalo
Umthwalo uzohliswa ngok'bekana emkhulekweni
Guqa ngamadolo ulibize elami
Zungalikhohlwa elami igama