Uk'zalwa kwami yase igcwele inyanga, k'zalwa inyanga.
Kwathiwa uk'zalwa kwami inhloso yok'landa abadala
Nginge phosise ngazizwa ngiy'qhawe
Kepha okwalomhlaba kwang'hlukumeza
Uk'fika kwami ezweni, bek'mele ng'sule iinyembezi
Ng'suse inkungu ekade ibaphuphuthel' emehlweni
Injongo yami uk'guqula isimo somndeni,
Uk'vuka kwami umvuka wendulo izimpi zak'dala
Uk'vuka kwami uk'vuka kwegqubu l'kakhokho omdala
Uk'vuka kwami uk'thatha iy'nduku ng'yolwela abadala
Lab' asebalala bang'bhekile benoMvelik'qala